Ugadle kwazwela umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos osola abamgxekayo ngokuhluleka ukusebenzisa ingqondo.

IBafana ibambe ikhempu njengoba izodlala neMorocco kowokuhlungela i-AFCON 2023 ngomhlaka 9 kuJuni. Umdlalo uzobanjelwa eRabat ngehora lika-9 ebusuku.

Kukhona neLiberia kwiqoqo leBafana kwazise iZimbabwe yahoxiswa iFIFA.

UBroos unuka manambana kwabanye abalandeli abamsola ngokuqoka izintandokazi zakhe. Iningi labalandeli licasulwa ukuthi uhlezi echizela uThemba Zwane no-Andile Jali esikwatini.

“Kukhona abangigxeka ngemuva komdlalo wethu neGhana. Angikaze ngiqonde izizathu zabantu abangigxeka, baqhubeka bengigxeka sekuphele imidlalo yeFrance neGuinea.

Akungiphathi kabi ukugxekwa ngoba labobantu abakhombisi ukuba negqondo. Bathi angisule esikhundleni ngoba angiqoki abadlali abafanele, lokho kuwumbedo,” kubeka uBroos obekhuluma nabezindaba.

“Ukugxekwa akungikhathazi nakancane, angitholi ingcindezi. Ngiyagqugquzeleka ukuthi ngisebenze kangcono. Ngiyabuka okwenzeke kuPitso (Mosimane) eGibhithe, unqobe iCAF Champions League amahlandla amabili kodwa sebeqalile ukumgxeka ngoba uhluleke kowamanqamu, impilo injalo. Ngineminyaka engu-35 ngiqeqesha, anginandaba nabantu abangigxekayo,”kusho lomqeqeshi.

UBroos uthembise ukwenza okusemandleni ukuze ezofaka iqembu kwi-AFCON yangonyaka ozayo ezobanjelwa e-Ivory Coast. Uthi ukuqhathwa namaqembu amathathu eqoqweni akuchazi ukuthi bazodlula kalula.

“Ngizozama ukufaka iqembu kwi-AFCON ngonyaka ozayo. Siseqoqweni elinamaqembu amathathu. Ngesikhathi kuhoxiswa iZimbabwe, kukhona abantu abathi sekuzoba lula ukudlulela phambili. Angeke kwenzeke kalula.

Ungasho ukuthi sinamathuba amaningi okudlulela phambili kodwa akusoze kwaba lula. Angeke kube lula noma amaqembu emathathu. Ukunqoba kabili kwiLiberia ngoSepthemba kuzosifaka kwi-AFCON kodwa angifuni ukucabanga kanjalo. Kufanele siwine,” kuchaza uBroos.

IBafana izolibangisa eRabat ngoMgqibelo.