Umqeqeshi weSwallows uDylan Kerr ucebisa uHugo Broos ngokuqinisa ubudlelwano nabaqeqeshi bamaqembu akuDSTV Premiership uma ezimisele ngokuphumelela kwiBafana Bafana.

UBroos ube ngundabuzekwayo maphakathi nesonto egxeka esidlangalaleni izinga lePremier Soccer League (PSL).

Ekhuluma ngoLwesibili eSAFA House, uBroos wathi izinga lePSL yilona abadlali ababozayo abangeke benze umehluko eqenjini lesizwe.

Ekhuluma ngesikhathi eqeda ukuvikisa iqembu lakhe ezembeni ngoLwesithathu, uKerr uthe imibono yinto ekhona ebholeni kodwa kufanele kuqine ubudlelwano phakathi komqeqeshi weqembu lesizwe nabaqeqeshi bamaqembu adlala kwiligi.

UKerr uthe kunzima ukuhola iqembu lesizwe, kodwa kufanele uqoke abadlali abafanele ukuze uzophumelela.

“USteve Komphela uphawulile ngenkulumo kaBroos. Kuningi okungekuhle okukhulunywa ngebhola lase-Afrika kodwa kukhona okuhle ngalo.

Wonke umuntu unombono. Kungenzeka ubone sengathi ngikhuluma imbudane, omunye avumelane nami.

Kungani uBroos ekhuluma kabuhlungu kodwa ehluleka nokufika ejimini ezobona abadlali. Akakhulumi nami, yisekela lami, abadlali noma ukaputeni. Kufanele abe nolwazi ngabadlali.

Wonke umuntu uzobona ngendlela ehlukile. Ungumqeqeshi weqembu lesizwe, umsebenzi wakhe uyasinda kakhulu. Kufanele aqoke abadlali okuyibona ukuze ezophumelela emidlalweni, Adak iqembu kwi-African Cup of Nations,” kusho uKerr.