Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uthi sesiphelile isikhathi sokudlala, abadlali ababizelwe esikwatini kufanele baqedele umsebenzi uma sebedlala neMorocco emdlalweni wokuhlungela i-AFCON 2023 ngomhlaka 9 kuJuni eRabat.

UBroos uphoqelekile ukuthi ashiye izitobha zakhe eziyizethenjwa uRushine De Reuck noSiyanda Xulu. UDe Reuck ulimele kanti uXulu ujima naMaZulu, unesikhathi eside engadlali.

Isipiliyoni sikaXulu besingasiza kakhulu emdlalweni we-Atlas Lions kodwa lomdlali untunta nendishi selokhu ashiya kwiHapoel Tel Aviv yase-Israel kulesizini esanda kuphela.

“Angibafuni abadlali abanyiswa isikimu, abangenawo umgqigqo wokudlala. Sizodlala neMorocco emasontweni amathathu. IMorocco iqoke umdlali oyedwa odlala kwiligi yasekhaya, abanye uzobathola emaqenjini ase-Europe okuyiJuventus, Sevilla neBayern Munchen.

Bamomgqigqo webhola lase-Europe. UXulu ubalulekile kakhulu eqenjini kodwa angeke ngimqoke esikwatini. Asisekho isikhathi sokutanasa,” kusho uBroos ekhuluma nabeSABC Sport.

UBroos uthi kuyamphoqa ukungena kumqhudelwano we-AFCON 2023 ose-Ivory Coast yize elinyalelwe uKeagan Dolly, Nkosinathi Sibisi noSiyabonga Ngezana. Lomqeqeshi useke washo ngaphambilini ukuthi kufanele abalandeli bamehlulele ngokungena kwi-AFCON 2023.

Ijoka leBafana selehlile kancane njengoba iZimbabwe isihoxisiwe ekubeni yingxenye yomzuliswano wokuhlunga. Iqoqo selisele ngeBafana, Morocco neLiberia. Amaqembu amabili azoqeda phezulu eqoqweni yiwona azolibangisa e-Ivory Coast.

UBroos umangaze iningi lababukeli eqoka uTaariq Fielies kuphela njengesitobha esikwatini, kwazise abanye abadlali basemuva bayibamba ezimpondweni. Lesinqumo sishiya imibuzo engaphenduleki ngohlelo lokudlala olizosetshenziswa uBroos.

Ukuthelwa ngehlazo lika 5-0 yiFrance emdlalweni owedlule kuphoqe uBroos ukuthi ashintshe izinto esiswini seqembu njengoba ebize uPhathutshedzo Nange weKaizer Chiefs, uGoodman Mosele we-Orlando Pirates noSiphephelo Sithole weBelenenses yasePortugal.

IBafana izogadla ngo Percy Tau noKhanyisa Mayo weCape Town City kulokhu njengoba umqeqeshi eshukumise izinto.

UBroos uveze ukuthi basazama ukuthola iqembu abazongcweka nalo emdlalweni wesihle uma sebeqedile ngomdlalo weMorocco.