Umdlali oyibamba esiswini kuMaZulu FC u-Ethan Brooks uthi uzokwenza konke okusemandleni ukubuyela kwiBafana Bafana.

UBrooks (24) ungomunye wabadlali bokuqala ababebizwa wuHugo Broos ngesikhathi esanda kuqala ukuqeqesha iBafana Bafana kodwa akasangeni ngisho kwi-preliminary squad kulezi nsuku.

Lo mdlali ubukeka ezelwe kabusha ngaphansi kobuholi buka-Arthur Zwane, ozoqhubeka nomsebenzi wokupheka Usuthu nangesizini ezayo ngemuva kokufaka iqembu kwiTop 8.

Ebuzwa ngokungabizwa eqenjini lesizwe, uBrooks uveze ukuthi kusayiphupho lakhe ukubuyela eqenjini lesizwe.

“Kungesinye sezifiso zami ukubuyela eqenjini lesizwe, ngifuna ukuzikhandla ukuze ngiqokwe,” kusho uBrooks.

“Ngeke kube lula, kodwa ngenye yezinto engezibekele zona ukuthi ngifuna ukuzenza.

“Ngicabanga ukuthi ngiyiqale kahle isizini kodwa bengibuye ngingadlali. Kodwa njalo uma nginikezwa ithuba ngidlale kahle.”

UBrooks uqhube waveza ukuthi ujabule ngokuqhubeka asebenze noZwane ngesizini ezayo ngoba bake bahlala phansi bakhuluma ngezinhlelo zangesizini ezayo.