Owayengumdlali weMamelodi Sundowns osegijima kuMaZulu FC uBongani ‘Ben 10’ Zungu usechaze kabanzi ngokwemenza washintsha umqondo ngokujoyina iqembu laseMorocco iWydad Athletic Club. Uthi ‘kunengozi’ ayibona isekude, wapakisha okungokwakhe wabuyela eNingizimu Afrika.

“UZungu uke wahlala izinyanga ethungatha iqembu ngemuva kokushiya iSundowns ekupheleni kwesizini edlule. Waqale wakhonjwa kwiKaizer Chiefs ngesikhathi ebonakala ebheke eTurkey ngesikhathi esifanayo naMakhosi. Wasuka lapho wayikhomba eMorocco, kodwa wagcina ebuye eMzansi.

“Saba nesivumelwano ngokomlono ngaphambi kokuthi ngiye eMorocco, yisona esangenza ngaya,” kuchaza uZungu engxoxweni neFARPost.

“Ngangingeke ngiyele into engaphatheki. Kwakunesivumelwano ngenkontileka. Ngaya ngaziqeqesha neqembu, kodwa ngashesha ngabona iqembu lenza izinguquko. Noma ngingatshelwanga, yinto engangiyibona.

“Sengidlale ibhola isikhathi esidem ngabona nje ukuthi kukhona into ezayo. Baningi abadlali ababengena, kuphuma inqwaba.

“Ngangibona ukuthi ngibambise amanye amaqembu angifunayo udongo, njengaMaZulu FC namanye amaqembu engangikhuluma nawo eNingizimu Afrika.

“Angifunanga ukuhlala isikhathi eside, kodwa angikhulumanga noRulani ngaphambi kwesinqumo engasithatha [sokubuyela eMzansi].

“Ngamazisa kodwa ngathi coach ngiyaxolisa, angisayona ingane. Angikwazi ukuhlala ngilinde into engingayazi izolunga nini. Naye ke kodwa akukho ayengakwenza. Nganquma ukubuya.”