Kuqinise izinsolo zokuthi angase ajoyine uRhulani Mokwena kwiWydad Athletic Club ukuya kukaBongani Zungu eTürkiye njengoba iKaizer Chiefs isiphumele obala yathi ayimdingi.
UBen 10 kuthiwa ufike namhlanje kulelizwe iChiefs eziqeqesha kulo ngaphambi kwesizini ka-2024/25. NeWydad kubikwa izolungiselela isizini entsha eTürkiye, osekuqinise izinsolo zokuthi uZungu uzojoyina leli qembu khona.
Izolo umqondisi webhola kwiChiefs uKaizer Jnr uchithe umbiko weSoccer Laduma obukhomba uZungu ePhefeni, wathi nje awulona iqiniso.
Noma ebeke kanjena, nangesikhathi besanda kwethula uMolefi Ntseki, uJnr waphika walala ngomhlane ukuthi babexoxisana noNasreddine Nabi, osewumqeqeshi weqembu manje.
Mancane amathuba okuthi lo mdlali ajoyine iChiefs nokho njengoba enomlando wokungaziphathi kahle. URhulani waphumela obala ngokuthi wayesafisa ukumgcina kwiSundowns uZungu.