Minenhle Zwane
Usaziwayo ongumethuli wezinhlelo osehlonishwa umhlaba wonke uBonang Matheba, ugubha inyanga yabantu besifazane ngesitayela njengoba ezokwethula i-App ezosiza ukulwisana nesihlava sokuhlukunyezwa kwabantu besifazane kuleli.
UQueen B, wethule iBe Safe App ngokubambisana nenkampani iCartrack. Ekhuluma nephephandaba eliphuma njalo ngeSonto, iCity Press, uBonang uthe le-App iyindlela entsha futhi eshashayo yokuthola usizo.
“Uma usengcupheni yokulimala noma ubhekene nokuhlukumezeka, ngaleso sikhathi uzokwazi ukuchofa inkinobho ekule App yokuqwashisa ukuba usengcupheni uthole usizo ngokushesha” usho kanje.
Uqhube wathi le App okwamanje ayikaqali ukusebenza kepha abantu abayilindele kanti imininingwane ephelele ngayo uzoyikhipha ngokuhamba kwesikhathi.
Ezinkundleni zokuxhumana abantu besifazane abaningi baluthakasela lolu hlelo luka Queen B.
“Uqhamuke necebo elihle kakhulu uBonang, sekuzoba lula ukuba umuntu wesifazane osenkingeni asheshe acele usizo kungakonakalali kakhulu ngoba ezigamekweni eziningi abosizo oluphuthumayo bebefika sekuze kwaphuma isidumbu” kusho uLucia Shezi.
UZandile Mthembu uthe uyathemba ukuthi lolu hlelo luzodlala iqhaza elikhulu empini nesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane.
Uphinde waveza ukuthi uyafisa ukuthi uHulumeni angelele asungule ezinye izinhlelo zokulwa nokuhlukunyezwa kwabesimame ezisebenzisa ubuchwepheshe besimanje.