Imenenja jikelele kwiKaizer Chiefs uBobby Motaung uthi ukusayinisa uDillan Solomons kwiSwallows angeke kubuye kuzobapokela njengoba kwenzeka belanda u-Andriamirado ‘Dax’ Andriarimanana.

IChiefs imemezele uSolomons ngoMsombuluko ebusuku.

Oyisikhulu esiphezulu kwiRoyal AM uSinky Mnisi wadalula ukuthi kuneqiniso elifihliwe odabeni lukaSolomons lokusayina kwiChiefs. UMnisi wakhuluma ngoLwesibili ohlelweni lweSports Nights Amplified.

Inkulumo kaMnisi yaqala izinsolo zokuthi kungenzeka iGlamour Boys yaphula umthetho isayinisa uSolomons, okuyinto eyenzeka ithenga uDax kwiFosa Juniors eMadagascar.

Ekhuluma nephephandaba iSowetan, uBobby uthi iChiefs yalandela umthetho isayinisa uSolomons. Uthi inkinga sebengayikhomba kwiSwallows neRoyal AM.

Ngo-2020, iFIFA yagweba iChiefs ngemuva kokuyithola inecala lokusayinisa uDax ngaphandle kokulandela umthetho. IChiefs yahlala amawindi amabili ingabasayinisi abadlali abasha.

“Kulula kakhulu. Indaba iphakathi kweRoyal AM neSwallows. Indaba ayihlangene neChiefs. Kufanele ukhulume neSwallows neRoyal AM, thina asazi ukuthi kwenzakalani.

Silandele imigudu efanele, yingakho sethule umdlali. Uma kukhona izinkinga, ziphakathi kweSwallows neRoyal AM. IChiefs ayinalo icala.

“Umdlali (Solomons) akahlangene nenkinga yeSwallows neRoyal AM. Imenenja yomdlali (Grant Nieuwenhuys) akanalo ulwazi ngodaba. USinky akakhulume uma enencwadi yokumkhulula uSolomons noma inkontileka yakhe ayisayine neRoyal AM,” kubeka uBobby.