Iciko leHip Hop elibuye licule, uBig Zulu, selixolisile ngezigameko eziphoxile ezenzeke kwiJamming 2 Soccer Tournament ebiseTsakane eGoli ngempelasonto.
Lo mqhudelwano uphele usudutshwe yiSABC Sport, egcine ingawuvezanga umdlalo wamanqamu onqotshwe ezikaBig Zulu iHip Hop FC.
Kushube isimo kulo mqhudelwano ngesikhathi iGospel FC ikhala ngokukhishwa yiGqom kulo mqhudelwano ikhala ngabadlali abasetshenziswe ezikaDJ Tira.
“Ngicela ukuthatha leli thuba ngixolise emndenini kaDumi Mkokstad. Ngiyaxolisa kumama wasekhaya nasezinganeni zakhe. Ngiyaxolisa nakubalandeli bakhe. Ngiyaxolisa nakubathandi bebhola abahambele umqhudelwano eTsakane Stadium, ngiyaxolisa futhi nakubantu abebebuka umdlalo,” kuxolisa yena.
“Ngiyaxolisa nakubafwethu kulo mqhudelwano. Ngicabanga ukuthi kuyo yonke lento maningi amaphutha abekhona. Izinhliziyo zihluthukile…akekho angazi ukuthi kuyenzeka enkundleni izinhliziyo zibe phezulu. Okunye uma sisenkundleni, sisuke silingana. Akusho ukuthi ngoba nakhu uDumi Mkokstad ushadile sesizothu Mkhwenyana kuye…cha, sizinsizwa nje sonke siyadlala sikhulumisana ngendlela esikhuluma ngayo. Kodwa uma sesiphumile enkundleni ngibonile ukuthi kube nephutha kwindlela engikhulume ngayo.”
Lo mculi uqhube wachaza ngokudale izinkulumo kulo mqhudelwano ethi empeleni kuningi okungenziwanga ngendlela emdlalweni weGqom neGospel, okudale ukucasuka kubadlali.
Ugxeke abaphathi bomqhudelwano ngokuba nemithetho engakaze ibe khona ebholeni futhi engaziwa. Uqhube wakhalaza nangokuthi uDumi ulinde kuze kuphele umdlalo ukuthi babeke izikhalo zabo. Uthe bekumele umdlalo bewumise ungakaqala baphakamise izikhalo zabo.
Uqhube wachaza nokuthi okunye okumhluthule umoya wukuthi uDumi umazise ukuthi utshele abantu basekhaya nabangani bakhe ukuthi uzovela kwiTV edlala ibhola, waze wasusa nabanye abadlali eThekwini…ngenxa yalokho ubesegoloza ukuphuma enkundleni sekuzoqala umdlalo wamanqamu. UBig Zulu uthi ubesembuza ke lapho ukuthi kanti lento ingaye noma kujatshuliswa izethameli?
UBig Zulu uthi uze wathi uma bewina owamanqamu kulungile imali yokunqoba umqhudelwano bazoyinikela njengendlela yokuhlawula ngezikhalo eziphakanyiswa iGospel FC.