Njengoba iKaizer Chiefs izokwamukela oshampeni beDSTV Premiership eFNB Stadium Kulempelasonto, uSabelo ‘Bibo’ Radebe uthi lomdlalo uzoba yimpi yokuvikela isithunzi nokuzigqaja.
Lamaqembu ahamba ngamagiya angafani njengoba ezotholana ngeSonto. ISundowns igoqe ngeligi kusasele imidlalo emine, iChiefs yona isalwela ukuqeda endaweni yesibili ukuze izongena kwiCAF Champions League ngesizini ezayo.
“Angeke kube lula, lokho siyakwazi. Ngiyazi sebeyinqobile iligi, kodwa bazofuna ukulwela isithunzi nebheji leqembu. Nathi sizicijile, sizokwazi ukumelana nabo,” kubeka UBibo ecashunwa i-website yeqembu.
IChiefs ibuyise izinduku ngoLwesibili ishaya IMarumo Gallants ekhaya. Bekuyiwini yokuqala selokhu izintambo zathathwa u-Arthur Zwane noDillon Sheppard. URadebe uthi ulindele umdlalo olukhuni eFNB Stadium kodwa namaGlamour Boys anezinhloso zawo ngalomdlalo.
“Umdlalo uzoba nzima. Nathi sihlele ukufaka ingcindezi kakhulu kulomdlalo, sizobanikeza umdlalo. Kufanele sinqobe yonke imidlalo esele, sibone ukuthi sizohlala kephi,” kusho uRadebe.