Unozinti obolekwe iSuperSport United uRicardo Goss ubuyelwe yithemba lokuphinde athole isikimu njengoba ezophinde asebenzisane nomqeqeshi uGavin Hunt.
ISuperSport ibifana neqembu elinqunu emapalini ngesikhathi kuhamba isethenjwa sikanozinti uRonwen Williams ojoyine iMamelodi Sundowns ngesonto eledlule.
AmaTsatsantsa abuyele kwiSundowns, ayoboleka uGoss ozohlala amasizini amabili ePitoli.
UHunt uyena okhombe ukuthi kulandwe uGoss eChloorkop ukzue kuzovaleka isikhala esishiywe uRonwen Williams.
“Umqeqeshi uGavin Hunt usebenzile noRicardo, umbona esezingeni eliphezulu. Sesibheke ukubona uRicardo ezimisela enkundleni aphinde alwele indawo yakhe kwiBafana Bafana,” kubeka uStan Matthews oyisikhulu seSuperSport.
UGoss uthi kuyamjabulisa ukuphinde asebenzisane noHunt ngoba unethuba lokuthola isikimu, okuyinto engenzekanga kwiSundowns. UGoss udlale imidlalo emibili kuphela kwiDSTV Premiership ngesizini eyedlule.
“Bengijabule ngoba umqeqeshi uyena obefuna ngizwe kwiSuperSport. Bengijabule ukuthi ngizothola ijezi, ngilwele indawo yami. Ngiyalazi ibhola elifunwa uHunt, yingakho kulula ukusheshe ngijwayele eqenjini lakhe.
Ngiyajabula ngokujoyina iSuperSport United, ngamukelwe ngezandla ezimhlophe eqenjini. Kukhona abadlali engibajwayele ekhempini, okwenze kwaba lula ukuthi ngijwayele eqenjini. Sifuna ukulwela izindebe, siqinise kwiligi. Sizobona ukuthi isizini siyiqeda kanjani,” kubeka uGoss.