Admin

Umgadli weReal Madird okulindekele ukuthi anikezwe iBallon d’Or nonyaka, uKarim Benzema, uthi akanankinga nesinqumo sikaKylian Mbappe sokwelula inkontileka yakhe kwiPSG kunokujoyina iMadrid ebimfuna uthuli.

UMbappe uphoxe abaphathi beMadrid, abadlali bayo kanye nabalandeli bayo enqumo ukwelula inkontileka yakhe ngeminyaka emithathu kwiPSG kunokujoyina ompetha beLaLiga neChampions League.

IMadrid idle isicoco seshumi nanye seChampions League kule mpelasonto ishaya iLiverpool ebithwelwe ngeqoma ukuthi izowunqoba lo mncintiswano. Inqobe ngegoli likaVinicius Jnr, obe nesizini enhle.

Ngesikhathi ibhiyoza ngeSonto iMadrid igama likaMbappe belilokhe livele njalo abalandeli bemchapha ngenhlamba bemqhoshela ngesicoco esinqotshwe yiMadrid. Ephawula ngalo mdlali uBenzema uthi kumele sihlonishwe isinqumo sikamngani wakhe.

“Bengingathanda ukumbona efeza iphupho lakhe lokudlalela iReal Madrid, sidlale ndawonye. Ukhethe iPSG, kumele sikuhloniphe lokho. Kuningi abhekene nakho. Sizodlala kahle eqenjini lesizwe. IReal Madrid yiReal Madrid, angiphoxekile. Singabangani abahle, ngeke buphazamiseke ubudlelwano bethu,” kusho uBenzema.

UBenzema uvalele amagoli awu-15 emdlalweni ewu-12 kwiChampions League kule sizini. KwiLaLiga ushaye awu-27, waba nesandla kwawu-12.