Umqeqeshi weManchester United, u-Erik Ten Hag, uthi uqashe uBenni McCarthy ethimbeni labasizi bakhe ngoba ufuna alethe okuhlukile eqenjini. 

Izindaba zokuqashwa kukaMcCarthy kwiMan United ziqinisekiswe wuRobert Marawa ezinkundleni zokuxhumana ngempelasonto, iRed Devils nayo yagcina ikuqinisekisile ukuthi useqashiwe. 

UMcCarthy ubese-Old Trafford ngeSonto ezakhe zidlala ngokulingana neRato Vallecano emdlalweni ophele ngo 1-1. Kulo mdlalo uMcCarthy uwubone ngokusobala umsebenzi omhlalele njengoba i-United ishiziliswe yiqembu elincane eligijima kwiLaLiga. 

Echaza ngendawo amfuna kuyo uBenni uTen Hag uthe ufuna acije abagadli bakhe. 

“Bekunendawo eyodwa ebidinga ukugcwaliswa. Unamava njengomdlali ewumgadli ovuthayo, manje usenamava okuqeqesha ngephezu kwalokho,” kuchaza uTen Hag. 

UMcCarthy, owanqoba isicoco se-UEFA Champions League neFC Porto, wavalela amagoli awu-37 kwiPremier League emdlalweni ewu-120. 

“Uzogxila ekusizeni abadlali abahlaselayo bakwazi ukungena ezikhaleni eziyingozi, hhayi abagadli nje, ngisho ama-full back nabadlali basesiswini,” kuqhuba uTen Hag. 

UBenni McCarthy kulindeke ukuthi asebenze kakhulu nabadlali abahlaselayo kwiManchester United esingabala kubo uMarcus Rashford no-Anthony Martial. Isithombe: Manchester United social

I-United ngesizini edlule iqede isizini ka-2022/2023 ine-goal difference eyiqanda okubeka ngokusobala ukuthi idinga ukunyusa izinga phambi kwepali iphinde iqinise nasemuva.