Owayengumdlali weReal Madrid neTottenham Hotspur uRafael Van der Vaart usephakamise imibuzo ngokubekwa kukaJude Bellingham kunombolo 10.

UBellingham uphume eqhuma yintukuthelo enkundleni i-England ibhaxabulwa yiSpain ngo 2-1 kowamanqamu we-EUR 24 ngeSonto. Kusukela kumdlalo wokuqala lo mdlali weMadrid ubebukeka engakhululekile ngokugcwele kwi-system kaGareth Southgate, okuphinde kwacaca nasemdlalweni wamanqamu noma ethole i-assist.

“UBellingham akuyena umdlali wokuthinta ibhola kamnandi. Uwumdlali oqinile olokhe eyile umdlalo wonke. Unombolo 10 anikezwe wona singaphikisana ngawo. Engawugqoka, kodwa akayena unombolo 10,” kusho uVan der Vaart.

UBellingham ubedlela ku-8 kwiBorrusia Dortmund kodwa ufike kwiMadrid wasetshenziswa phambili (false 9), obekufana nokuthi udlaliswa kunombolo 10 ngoba uvulela abadlali abagijima ophondweni isikhala.

Kwi-England indawo ayidlala kwiMadrid idlalwa wuHarry Kane, othandayo ukuthatha ibhola esiswini. Omunye umdlali othanda ukugijima endaweni ka-10 wuPhil Foden, okwenze kwanzima ukuthi bazwane kahle enkundleni ngoba bebefuna ukungena ezikhaleni ezicishe zifane.

Uma kukhulunywa iqiniso nje uBellingham bekumele ayibambe eceleni koyedwa phakathi kukaDeclan Rice noma uKobbie Mainoo. Ukuqalisa o-6 ababili akuyisizanga i-England kowamanqamu.