UStuart Baxter uthi usebambe izingxoxo namaqembu ambalwa kuDSTV Premiership kanye nasezwenikazi I-Afrika kodwa uzothatha isikhathi sakhe ngaphambi kokuzibophezela eqenjini elisha.
UBaxter ujika nelanga selokhu axoshwa yiKaizer Chiefs ngo-Ephreli nonyaka.
Yize esebambe umhlangano neSimba SC yaseTanzania, uBaxter uthi asikho isinqumo esiqondile asesithathile.
Ubeke kanje ekhuluma nabeSABC Sport:
“Sengibambe izingxoxo namaqembu ambalwa kwiPremier Soccer League nasezwenikazi, ngibala nomhlangano weSimba.
Kodwa kuyafuneka ngiphikise amanga afafazwa ngegama lami. Ngibambe umhlangano neSimba ngenhloso yokudingida izinhlelo zeqembu, sekukhona abantu abahubhuza amanga ngezinto ezakhulunywa emhlanganweni.
“Asikho isinqumo engisithathile namaqembu engibambe nawo umhlangano. Asilinde ukuhamba kwesikhathi,” kubeka uBaxter.