Umqeqeshi weStellenbosch FC uSteve Barker unethemba lokuthi isibhaxu abasifake kwiLamontville Golden Arrows izolo sizoba yisisekelo sokushintsha kwefomu yabo kwiBetway Premiership kule sizini.

IStellies bekungokwesibili inqoba emidlalweni ewu-10 kule sizini ishaya i-Arrows ngo 4-3 izolo ebusuku. Iqembu likaBarker belibukeka lithwele kanzima ngempela kwimidlalo yeligi njengoba liphinde ladayisa abadlali abamqoka ekupheleni kwesizini edlule. Abakhona sebeqala ukuhlangana nokho, okumjabulisayo uBarker.

“Umdlalo wamagoli ayisikhombisa ngicabanga ukuthi mnandi kubalandeli, kubaqeqeshi awukho lula,” kusho uBarker ngemuva komdlalo.

“Omabili amaqembu abedlalela ukunqoba, kodwa thina besikudinga ukunqoba, ngicabanga ukuthi umehluko ube lapho.

“Bekufanele sithole indlela yokuwina, ngoba besibhekene nenkinga yendlala yamagoli muva nje. Ukuvalela amagoli amane emdlalweni owodwa kuhle. Besingenza kangcono kodwa ekuvimbeni mhlawumbe igoli noma amagoli amabili esiwadedelile, kodwa bakore amagoli amahle nabo.”