Umqeqeshi weStellenbosch FC uSteve Barker usole unompempe obephethe umdlalo wabo neKaizer Chiefs ngokubarobha ngesinqumo asithathe ngegoli lesibili laMakhosi.
IChiefs idlulele kuma semifinal ngokunqoba ngo 3-1 kulo mdlalo. Amagoli amabili angene sekuyophela umdlalo.
UBarker, ongaphawulanga ngezinqumo zikanompempe ezibasizile kumdlalo wayizolo, uthi bekungokwesibili bebanjwa inkunzi ngale ndlela bebhekene naMaKhosi. Indlela abecasuke ngayo uBarker uze wabuyela nakumdlalo wabo wamanqamu weMTN8 ne-Orlando Pirates athe barojwa nakuwo.
“Angifuni ukukhuluma ngomdlalo….eminyakeni emibili edlule kwiquarter-final yeMTN8 sathola ipenalty sibhekene neChiefs eDanie Craven, basishinstsha isinqumo,” kundlalela lo mqeqeshi.
“Sadlala kwifinal sibhekene nePirates bathatha ifree-kick endaweni engenzekanga kuyo, bakora balinikezwa igoli. Namhlanje ulinesman uphakamise ifulegi ngoba kudlaliswe kabi unozinti wethu. Simbonile edlaliswa kabi, kodwa sashintshwa isinqumo. Ngizothini? Ngiyabonga.”
Ngemuva komdlalo nowayengumdlali weKaizer Chiefs uJimmy Tau uthe unompempe wenze iphutha ngokumlaleni ulinesman, wathi mhlawumbe ubesaba ulaka lwabalandeli.
Emdlalweni wayizolo nokho zikhona nezinqumo iKaizer Chiefs enganamanga ngazo kulo mdlalo.