Umqeqeshi weStellenbosch FC uSteve Barker usekuqinisekisile ukuthu uSihle Nduli ungomunye wabadlali abahambayo kuleli qembu njengoba sekuphele isizini, nokuthi bakhona nabanye abazohamba.

UBarker uveze lokhu ngemuva komdlalo weStellenosch neCape Town City ophele ngo 0-0 izolo.

Ngokwemibiko, uNduli uzojoyina i-Orlando Pirates, uyovala isikhala sikaMiguel Timm okubikwa ukuthi uzodedelwa, kanti futhi uwumdlali ongangena nasendaweni kaMakhehlene Makhaula osekhulile ngokweminyaka.

“Ngingakuqinisekisa ukuthi kunabadlali abambalwa abazosishiya, omunye wabo wuSihle Nduli,” kusho uBarker.

“Ngifisa ukudlulisa ukubonga kuye ngendlela abezinikele ngayo kuleli qembu, futhi sijabule ngokuthi uqhubekela phambili.

“Uyena mdlali esingaqinisekisa ukuthi uyahamba, abanye sisazobuka, sisabheka ukuthi yiziphi izindawo esingaqinisa kuzo.”

UBarker uchaze uNduli njengomholi ongandile ngomlomo enkundleni, okhuluma ngemisibenzi yakhe.

Lo mdlali uvaleliswe ngokunikezwa ibhande likakapteni emdlalweni wayizolo.

“Ngikhumbuze abantu abaningi ukuthi wayehlala ebhentshini kusakhona u-Ox Mthethwa, kodwa ngesikhathi esehambili u-Ox, ithuba alithola walibamba ngezandla zombili.”