Umqeqeshi weStellenbosch FC uSteve Barker usephendule imibuzo ngokungabonakali komdlali ofunwa yi-Orlando Pirates uDeano van Rooyen emdlalweni wabo weMTN8 ngeSonto.

IStellies idlulele kuma-semifinal eMTN kulandela ukushaya iTS Galaxy ngo 3-1 eDanie Craven Stadium. UBarker uqoke ukuqalisa uKyle Jurgens kuright back kulo mdlalo, ubengekho ngisho ebhentshini uDeano, okuphakamise imibuzo ngemuva komdlalo njengoba ewukapteni weqembu.

Ebuzwa ukuthi ngabe ubekwe ngaphandle ngoba ekhonjwa kwelinye iqembu, uBarker uthe
“cha, akukhona lokho kuphela kuDeano.

“Kunokulimala okuncane okumhluphayo ezinsukwini ezimbalwa ezedlule. Akaziqeqeshanga neqembu kabili kuleli sonto…sizama ukumvikela ngoba nisibonile isimo senkundla. Sibone nokuthi uKyle uzokwazi ukusinikeza okuhlukile futhi uma bedlala amabhola amade.

“Benginokuzitshela ukuthi bangase beqalise uNurkovic noma engadlalanga kaningi emdlalweni yabo yokulungiselela isizini…besifuna ukuvikela uDeano, yisona sizathu esibalulekile leso. Nakho ke ukuthi niyazi ukuthi izindaba okubikwa ngazo ziyabaphazamisa abadlali…sekukaningi sigcizelela sifisa ukubagcina abadlali bethu.

“Siyiqembu elingakwazi ukulwela izinkomishi neligi. Sifuna ukuzikhandla ukuze sikwenze lokho, sikwazi nokugcina abadlali bethu.”