Umqeqeshi weStellenbosch uSteve Barker uchome uphaphe legwalagwala umgadli u-Ashley Du Preez oshaye amagoli amabili bebhaxabula iMamelodi Sundowns ngo 3-0 eLoftus Stadium.
ISundowns ibihluleka ukumelana nesivinini sikaDu Preez oshaye amagoli ngeziwombe ezihlukene. Elinye igoli leStellies lishaywe uJayden Adams.
UBarker ujabulela ukubona abadlali abakhulele eStellenbosch begila izimanga eLoftus.
“Usuku olukhulu eqenjini. Iqembu leDSTV Diski Challenge lingoshampeni, nathi sesishaye ompetha beligi. Ngibongele bonke abadlali, abaphathi nethimba labaqeqeshi. Abadlali bashaye into ecokeme namuhla.
Ungimangazile uDu Preez ngamagoli akawashayile. Kunzima ukuvimba uma kuzovela isikhala sokugijima ngemuva kwezitobha. Siyazi iSundowns imaka kude nebhokisi, besifuna ukuhlasela ngabadlali abaningi, okuyiqhinga elisebenzile. Ngiyambongela u-Ashley ngamagoli akhe.
Ushaye ingcwenga yegoli uJayden. Kuyajabulisa ukubona abadlali abasebancane beshaya amagoli kwiSundowns. Bobabili bakhulele eValley, eStellenbosch. Usuku olukhulu eqenjini,” kusho uBarker ecashunwa abeSuperSport TV.
UBarker uthe wawuhlezi ukhona umbandela wokungena kwiTop 8 kodwa bebefuna ukwenza okudlulele kulesizini.
“Besinombandela wokuqeda kwiTop 8, ngiyaziqhenya ngempumelelo yeqembu. Kusele umdlalo owodwa, sengiyilindele ngabomvu iCape Town City emdlalweni womkhaya.
Besifuna ukungena kwiTop 8 kodwa besihlezi sinesifiso sokuqeda endaweni ehloniphekile. Likhona ithuba lokungena kwiTop 4,” kusho uBarker.