Umqeqeshi we-Orlando Pirates uMandla Ncikazi usale ekhala ngembudlu yamagoli agejwe ezakhe ezigcine zishaywe iRS Berkane kowamanqamu weCAF Confederations Cup izolo ebusuku.
IBucs bayishayele ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi eGodswill Akpabio International Stadium. Umdlalo ubuphele ngo 1-1 kwi-extratime, okube ngamagoli ashaywe uThembinkosi Lorch noYoussef Alfahli.
“Ngiyayibongela iRS Berkane, kubuhlungu ngoba bekufanele sinqobe kulomdlalo. Bekufanele sinqobe emdlalweni kucace. Kulesizini sibhekene nalenkinga yokuhluleka ukusebenzisa amathuba, sibuthuntu phambi kwamapali.
Ngiyabazwela abadlali ngoba bazikhandlile, ngiyalizwela neqembu. Angeke siwushintshe umphumela, okubuhlungu ukuthi bekungafanele sishaywe ngoba umdlalo besiwuphethe, namathuba siwakhandile. Ibhola linjalo, Uzothola isibhaxu uma uhluleka ukusebenzisa amathuba,” kuchaza uNcikazi ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo.
IBucs izobuyela ekhaya izoqedela imidlalo emithathu yeDSTV Premiership. Izoqala neMaritzburg United ngoLwesibili e-Orlando Stadium.
“Sinejoka lokukhuthaza abadlali njengabaqeqeshi. Sidlala iligi ngoLwesibili, kuzodlala bona labadlali. Isizini isivumile yona kodwa kwenzeka ngendlela esijwayelekile yokuhluleka ukusebenzisa amathuba.
Abadlali banesipiliyoni, nathi singabaqeqeshi kufanele sibakhuthaze abadlali. IPirates izobuya, idlale kangcono ukudlula umdlalo wanamuhla. Yiqembu elikhulu leli, kufanele sikukhombise lokho enkundleni.
Siphoxe abalandeli ekhaya, Siphoxe izinkulungwane zabalandeli eNingizimu Afrika, sadumaza abalandeli baseNigeria ebesinabo, kwaphoxeka abaseGhana, Namibia, Malawi naseZimbabwe,” kusho uNcikazi.