Umqeqeshi we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou uthi bekuyisinqumo sakhe ukubeka ngaphandle u-Evidence Makgopa noThalente Mbatha emdlalweni wabo neSt Eloi Lupopo ngoba ubefuna ukuzama amaqhinga ahlukile.

Sithuse abaningi isinqumo salo mqeqeshi sokubeka ngaphandle laba badlali, ikakhulukazi ngoba basanda kusiza iBafana Bafana ukythi izibekisele indawo kwi-2026 FIFA World Cup.

UMbatha noMakgopa bebengekho ngisho ebhentshini emdlalweni obungoMgqibelo, abaningi bezibuza beziphendula ngalokhu.

Noma iBucs inqobe ngo 3-0, kubhede kuma-penalty, kanti abanye bathi mhlawumbe ukube bebekhona umdlalo ubengeke uye ngisho kuma-penalty ngoba uMbatha uyaziwa ngokuba nonyawo oluhle uma ekhahlela ngaphandle kwebhokisi, kanti abekho baningi abadlali abakwazi ukubamba ibhola njengoMakgopa ebhokisini futhi nobude bakhe bebudingeka njengoba iBucs ibilokhe ifaka ama-cross esiwombeni sokuqala kodwa kungekho muntu phakathi kwezitobha zeLupopo.

“Besazi ukuthi iqembu ebesibhekene nalo lizogqisha abadlali emuva,” kusho u-Ouaddou ngemuva komdlalo.

“Ngakho ke besifuna ukuqala ngomdlali osabisile kunombolo 9, okwaziyo ukugcina ibhola ezikhaleni ezinzima, okwaziyo nokususa abadlali basemuva ezindaweni zabo.

“Bekuyisinqumo engisithathe ngokwamaqhinga…okunye ke ukuthi sidala kwimiqhudelwano emningi, kufanele sishintshe abadlali. Ezinsukwini ezimbalwa sinomunye umdlalo…”

IBucs izobhekana neMagesi FC kwi-quarterfinal yeCarling Knockout kusasa ngo 19:00.