Umqeqeshi we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou usenxuse abalandeli baleli qembu ukuthi bagcwalise i-Orlando Stadium ngoMgqibelo emdlalweni wabo omqoka weCAF Champions League neSt. Eloi Lupupo.

U-Ouaddou ubeke lesi sicelo izolo ngemuva komdlalo wabo weligi nePolokwane City abawunqobe ngo 1-0 bakhuphukela kunombolo 3 kwiBetway Premiership.

Noma iwinile iBucs, abaningi bacabanga ngomlenze wesibili neLupopo njengoba iBucs idinga ukukora inqwaba yamagoli ukuze izokwazi ukudlala namanye amaqembu amakhulu ase-Afrika kwiCAF Champions League.

“Sizobadinga abalandeli bethu,” kusho u-Ouaddou ebuzwa ngalo mdlalo.

“Uhlobo lomdlalo esizobhekana nawo ngoMgqibelo, sidinga indoda yesi-12 ngemuva kwethu [abalandeli]. Ngiyethemba inkundla izobe igcwele mfi ngoba lokho kuzosiphusha.

“Kuzoba wumdlalo omqoka emlandweni weqembu. Siyazi sidinga ukukora amagoli amane, ngeke kube lula, kodwa sizokulungiselela lokho.”