Umqeqeshi we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou usencome umdlali omusha weqembu uTshepang Moremi ngendlela azikhandla ngayo uma eziqeqesha neqembu nangendlela adlala ngayo kulezi nsuku, kodwa uthi abakaqedi ukumpheka.

UMoremi (25) ushaye inqaku nakanjani elizongena emunxeni we-goal of the season emdlalweni odlule ngesikhathi Ezimnyama ziginqa iMagesi FC ngo 2-1 koweligi ngoLwesibili.

Uma ihlanganiswa yonke imiqhudelwano asedlale kuyo kule sizini, uMoremi unamagoli ayisikhombisa emdlalweni ewu-14 kule sizini. Ifomu akuyo isidale nokuthi agcine esebizwa esikwatini seBafana Bafana njengoba ebekhona kwesidlale imidlalo yokugcina yokuhlungela i-2026 FIFA World Cup.

“UMoremi selokhe efikile udlala kahle,” kusho u-Ouaddou ngokombiko weSowetan Live.

“Ngihlae ngikuveza ukuthi abantu abasebenza kanzima futhi abazethembayo bayahlomula. Esikubona kuMoremi kuyisithelo sokuzikhandla.

“Niyambona usebenza kanjani selokhu efikile, ngisho nangesikhathi kungekho lula [esanda kuqala ukudlalela iBucs].”

“Uwumdlali ozethembayo. Nabaqeqeshi bakhona ukuzomsiza. Asikawuqedi umsebenzi esiwenza naye, sizoqhubeka simpheke ukuze abe wumdlali osezingeni eliphezulu.”