Umakadebona kanozinti weMamelodi Sundowns uDenis Onyango uthi iqembu lizibekele umbandela wokunqoba okungenani izindebe ezintathu kulesizini ezoqala. 

IBafana Ba Style iqukule isicoco seligi ne-African Football League (AFL) ngesizini ka-2023/24, yahlulwa yi-Orlando Pirates kowamanqamu weMTN8 neNedbank Cup. 

ihlalelwe umqansa wokudlala kwimiqhudelwano eyisikhombisa kulesizini, okubalwa kuyo iBetway Premiership, MTN8, CAF Champions League, AFL, Carling Knockout Cup, Nedbank Cup neFIFA Club World Cup.

U-Onyango uthi ukubuya neChampions League yikhona okubaluleke kakhulu, ngaphezulu kokuvikela izindebe abaziphakamise ngesizini edlule. 

“Kulindelwe izinto ezinkulu kwiSundowns. Sizodlala kwimiqhudelwano eyisikhombisa, ngibala neClub World Cup. Sizibekele imibandela esifuna ukuyifeza ekugcineni. Sifuna ukwenza kangcono ukudlula isizini edlule, sinqobe izindebe eziningi. 

“Sinqobe izindebe ezimbili kuphela ngesizini edlule. Sifuna ukunqoba izindebe ezingaphezulu kwezintathu kulesizini,” kubeka u-Onyango ecashunwa yi-website yeqembu.

ULesiba Nku uhambe emazwini ka-Onyango, wadalula ukuthi bafuna ukushanela kwasani kulesizini.

“Sizodlala kwimiqhudelwano eminingi. Kunezinkomishi eziyisikhomba, iqembu liza kahle ngamalungiselelo esizini. Sifuna ukunqoba zonke izindebe ezikhona. Bonke abadlali bazimisele ngokusiza iqembu ligaye imiphumela kulesizini,” kubeka uNku. 

IDowns isibuyile eNingizimu Afrika kulandela ukuphela kwekhempu ebibanjelwe e-Austria.