Inkakha kanozinti weMamelodi Sundowns uDenis Onyango (40) useveze ukuthi usazimisele ngokuqhubeka nokudlala nangesizini ezayo kodwa usazoxoxisana nabaphathi beqembu.

U-Onyango udlale izikhawu eziwu-13 kule sizini elekelela iDowns inqobe isicoco seligi okwesi-8 kulandelana. Bekungokwesi-12 enqoba isicoco seligi, okuyirekhodi ahamba yedwa kulo. Ngemuva kokuqukula icup yeligi ngeSonto u-Onyango uzwakalise okomdlali osazimisele ngokuqhubeka ayibambe nangesizini ezayo noma eseniminyaka ewu-40.

“Ngizophinde ngizame ukunqoba eyesi-13 (iligi). Ngizoqhubeka ngidlale kodwa iqembu lisazokhuluma nami,” kusho u-Onyango ngemuva komdlalo wabo neMagesi FC.

“Ngisanawo umfutho wokweseka abafana. Uma ngikhuluma iqiniso nje ngisazohlala. Ngizohlala unyaka. Ngizozwa umzimba uthini, kodwa ngisakhona. Ngizokusho ngokuzethemba nje ukuthi ngizodlalela iMamelodi Sundowns kwisizini ezayo,” kusho u-Onyango ekhuluma nabezindaba eLoftus Stadium.

U-Onyango uthe inhloso yakhe ukufundisa abafana abancane ukuthi uyakwazi ukuqhubeka udlale ezingeni eliphezulu ngisho iminyaka isihambile.

“Ukuba nekhono kuphela akwanele. Kumele usebenze ngokuzikhandla kwitraining. Senzenjalo sinoRonwen. Akusho lutho ukuthi ngineminyaka emingaki, kufanele ngizinikele njengaye. Uma ngingasakwazi kusho ukuthi sekuemele ngithathe umhlalaphansi.