Ukapteni weMamelodi Sundowns uDenis Onyango uthi uyazi ukuthi kuzofanele bakhuphule amasokisi ukuze baphinde badle esinye isicoco seligi. ISundowns isinqobe izicoco zeligi kahlanu kulandelana.
Izitha zokuqina zamaSandawana i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs ziqinise amaqembu ngokuthenga abadlali abasha, iSundowns isasayinise abadlali abathathu kuphela kodwa u-Onyango uthi akakuboni kuyinkinga lokhu.
“Sonke sifuna ukuzuza into efanayo; ukunqoba izicoco. Kumele sifake umqondo ofanayo kubadlali abasha siqhubeke sisebenze ngokuzikhandla kwisizini engikholwa wukuthi izoba nzima kakhulu.” usho kanje ekhuluma neSowetan Live.
“Ngiyethemba ukuthi abadlali abasha bazosisiza siqhubeke la esigcine khona ngesizini edlule. Asiwanaki amanye amaqembu kodwa siyakuqaphela ukuthi asayinise ba ukuze nathi sizozithuthukisa njengeqembu.
“Sesinqobe iligi kahlanu kulandelana, siyazi baningi abafuna ukusivimba kodwa sizosebenza ngokuzikhandla ukunqoba isicoco okwesithupha,” kuphetha u-Onyango.
Ngaphandle kweDStv Premiership, iSundowns isembidlangweni wokunqoba iCAF Champions League esayinqobe kanye emlandweni wayo.
ISundowns izovula imidlalo yeligi ka-2022/2023 ngomdlalo neCape Town City FC eqede kunombolo 2 ngesizini edlule kwiDStv Premiership.