Intatheli Yezemidlalo

Inkakha yomgadli waseSweden uZlatan Ibrahimovic uhlulekile ukuzibamba wakhala ebuzwa ukuthi zijabule kangakanani izingane zakhe ngokubuyela kwakhe eqenjini lesizwe.

U-Ibrahimovic, oneminyaka engu-39 ubudala, uzodlalela izwe lakhe okokuqala eminyakeni emihlanu kuleli sonto. ISweden izotholana phezulu neKosovo kanye neGeorgia emidlalweni yokuhlungela i-2022 World Cup.

Ebuzwa ngenjabulo emndenini wakhe ngaphambi kwale midlalo u-Ibrahimovic uvele wakhala echazela izintatheli ukuthi indodana yakhe engumagcina uVincent ikhalile ngesikhathi eyojoyina iqembu kuleli sonto.

Lo mdlali ugcine ukudlalela izwe lakhe ngo-2016 kuma-European Championships kanti unamagoli awu-62 kwimidlalo ewu-116.

Kule sizini u-Ibra usevalele amagoli awu-15 kwiSerie A kanti ezakhe i-AC Milan zihleli kunombolo 2 kule ligi. Kubatshazwa ifomu lakhe kumasizini amabili edlule ebhakuzisa inethi kanti useze wayibuyisela isithunzi esikade salahleka e-Europe i-AC Milan nakuba isanda kukhishwa kwi-Europa League.

Uthe kumfanele ukubuyiswa eqenjini lesizwe ngoba uzizwa ewumgadli ophambili kunabo bonke emhlabeni futhi uzolilekelela leli qembu eliphekwa uJanne Andersson.

Ekhuluma ngalo mqeqeshi u-Ibrahimovic uthe bahlangane ngasekuqaleni kwalo nyaka bakhuluma ngakho konke okuthinta iqembu lesizwe.

“Kwaba umhlangano omuhle ngoba savulelana izifuba, ekugcineni sakhetha esikubona kulungele iqembu. Siyazi sobabili ukuthi yini elungele iSweden, namhlanje nakhu ngikhuluma nani (esho kwizintatheli).”

“Angikho phambi kwenu ngoba igama lami uZlatan Ibrahimovic, kodwa ngilapha ngoba ngifanele ukuba lapha. Ngiyazizwa, ngifuna ukubamba iqhaza kuleli qembu futhi kuningi engisangakwenza,” kusho u-Ibra.