Umgadli weMamelodi Sundowns uKermit Erasmus usezwakalise ukunengeka ngomqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos ogxeke izinga lebhola laseNingizimu Afrika.

UBroos ubekhuluma nabezindaba namuhla ngemuva komdlalo weBafana neMorocco. UBroos ukubeke obala ukuthi izinga lePSL liphansi kakhulu uma kuqhathaniswa namanye amazwe ase-Afrika.

IBafana ishaywe iMorocco ngo 2-1 emdlalweni wokuhlungela i-AFCON 2023 eRabat.

Lomqeqeshi uthe igebe phakathi kweMorocco neNingizimu Afrika likhulu ngoba ama-Atlas Lions anesikwati esigcwele abadlali base-Europe.

“Sekuyisikhathi sokulungisa inkinga yeNingizimu Afrika. Inkinga yethu ukuthi asinabo abadlali abasezingeni eliphezulu. Izinga lePSL alikho phezulu. Asibakhiqizi abadlali abasezingeni eliphezulu,” kusho lomqeqeshi.

Amazwi kaBroos ahlale kabi ku-Erasmus, onesikhathi eside engabizwa esikwatini seBafana. URomeo unemidlalo engu-19 kwiBafana.

Ubhale kanje ekhasini lakhe kuTwitter.

“Kungani sinomqeqeshi ongakholelwa kubadlali bethu neligi yakuleli. Ngiyaxolisa ngokubeka umbono wami,” kubeka u-Erasmus.