Umqeqeshi weBanyana Banyana uDesiree Ellis ubona sesifikile isikhathi sokubheka izitobha ezisencane ezizothatha ijezi kwizethenjwa zabadlali uNoko Matlou, Janine Van Wyk noBambanani Mbane.

Lezitobha ezintathu zibambe elikhulu iqhaza kwiBanyana ngesikhathi inqoba iWomen’s Africa Cup of Nations (WAFCON) eMorocco ngempelasonto eyedlule.

UMatlou (37) noMbane (32) bebevimba kwasani emuva emidlalweni a ayidlale ndawonye eMorocco. Bangenelwe amagoli amathathu kuphela, kwaphela imidlalo emithathu kungangeni igoli ngakubo.

UVan Wyk (35) ubelizwa ngendaba ijszi kodwa ubehlezi ekhona ekhuthaza ozakwabo. UVan Wyk usevele ekucacisile ukuthi uzothatha umhlalaphansi eqenjini lesizwe uma sekuphele iNdebe yoMhlaba yango-2023.

Kulindelwe ukuthi noMatlou abeke amakhokho emgibeni uma sekuphele iNdebe yoMhlaba ezosingathwa ngokuhlanganyela i-Australia neNew Zealand.

UMbane usenayo iminyaka embalwa egijima enkundleni.

U-Ellis uthi usebabonile abadlali abazoyibamba emuva uma zingasekho izinkakha ebezidlala kwiWAFCON.

“Kukhona uLonathemba (Mhlongo, 19). Uphumile ekhempini ngoba ubelimele. Usemncane kakhulu, akafikile ngisho eminyakeni engu-20.

Kukhona noTisetso Makhubela (25). Baningi abadlali esibheke ukubaletha esikwatini. Okuhle ngabo ukuthi bayijwayele ikhempu yesikwati.

UBongeka (Gamede) obedlala ezimpondweni, uyakwazi ukudlala endaweni yezitobha. Uneminyaka engu-23 kuphela. Sibheke no-Asanda Radebe okwazi ukudlala ophondweni lwesokunxele nasemuva. Okwamanje ubhale izivivinyo zikamatikuletsheni.

Baningi abadlali abancane ngokweminyaka esibabhekile. Angifuni ukuphazamisa abadlali ababhalela umatikuletsheni ngoba sifuna ukubanikeza ithuba lokufunda ukuze bezobhekana nempilo,” kubeka lomqeqeshi ecashunwa abeSowetan.

U-Ellis uthi labadlali bazoqala ukuba yingxenye yeBanyana ekhempini elandelayo.

“Sibheke abadlali bamgomuso. Kufanele sibaqinise labadlali esinabo, sibafake emakhempini ukuze bezokhula. Sizobadlalisa nezinkakha eseziyijwayele ikhempu,” kubeka u-Ellis.