Umqeqeshi weBanyana Banyana uDesiree Ellis uvuma eyokuphithanelwa yikhanda ngoba sekufanele aqoke isikwati azobamba naso kwi-Africa Women’s Cup of Nations ezobanjelwa eMorocco ngoJulayi nonyaka.

I-AWCON izoqala ngomhlaka 2 kuJulayi, iphele zingu-22 kwephezulu. INingizimu Afrika iqhathwe nezimbangi ezinkulu iNigeria, Botswana neBurundi kuGroup C.

Njengoba kusasele inyanga egcwele kuqale lomqhudelwano, iBanyana ibambe ikhempu eGoli enabadlali abangu-33. Kudingeka isikwa sabadlali abangu-21 eMorocco.

“Abadlali bayazikhandla ejimini, bajinyiswa ithimba labaqeqeshi. Abadlali balilambele lelithuba, bayafuna ukuliangisa eMorocco. Bonke abadlali bafaka umoya wokugcina, ngiphithanelwa yikhanda.

Kufanele ngithwale kanzima uma senqiqoka isikwati. Kuyaphoqa ukuthi ngiqoke abadlali abazomelana nebhola elifunwa umqeqeshi, kudingeka abadlali abazoshaya umsebenzi.

Kuzoba nzima ukuqokwa iqembu elibheke eMorocco, kufanele siqinisekise ukuthi siqoka iqembu eliqinile. Ukuzimisela kwabo yikho okubafaka eqenjini,” kubeka u-Ellis.

Umqeqeshi weBanyana uchaze kabanzi ngesidingo sekhempu ebanjelwe eGoli.

“Sibambe ikhempu ngenhloso yokuqoka kahle abadlali, siphinde sibalungiselele. Sibheka izinto ezingafana, sibuka abadlali abadlala ibhola elifanayo nalabo abakwazi ukutholana enkundleni.

Sifuna ukubheka izinga labo lezempilo. Sesidlale imidlalo eminingi, abadlali basesimeni esihle. Sizama ukunyusa amazinga abo ezempilo,” kubeka u-Ellis.