Umqeqeshi weTottenham Hotspurs u-Antonio Conte ukhale ngokutefa kukaMikel Arteta okhale ngokudliselwa unompempe emdlalweni wePremier League izolo ebusuku.
ISpurs sishaye omkhaya i-Arsenal ngo 3-0 eTottenham Stadium kodwa u-Arteta ubedinwe egane unwabu, wasola unompempe uPaul Tierney ngokudlisela.
UConte uthe umqeqeshi weGunners uyatefa, kufanele afunde ukwamukela ukuhlulwa. Wenze umzekelo ngesigameko sikaFabihno ongatholanga ngisho ikhadi eliphuzi eqeda ukudlala kabi uSon Heung Min emdlalweni weLiverpool neSpurs owaphela ngo 2-2 emasontweni amabili adlule.
“U-Arteta ungumqeqeshi osezingeni, unekusasa eliqhakazile. Kodwa sengimlalele izinyanga eziyisithupha engayeki ukukhononda. Usafika emsebenzini wakhe, ngimlalele uyakhononda njalo.
Kufanele anake iqembu lakhe, ayeke ukubalisa. Kumele ehlise Umoya, azame ukusebenza ngoba ungumqeqeshi osezingeni. Umqeqeshi okhalaza kakhulu akathandeki,” kusho uConte ecashunwa abeBT Sport.
Lomphumela unciphise igebe embangweni we-UEFA Champions League ngephuzu elilodwa njengoba lamaqembu esalelwe imidlalo emibili ngaphambi kokugoqa kwesizini.
“Ikhadi elibomvu belimfanele uHolding. Ungakhohlwa ukuthi angikhulumanga lutho uFabihno weLiverpool edlala kabi. Ukube ngiyakhononda, ngabe ngikhalaza njalo ngonompempe, izinqumo ezithathiwe nemidlalo ehlehlisiwe.
U-Arteta wakhononda ngomdlalo ohlehlisiwe. Kwakungafanele abalise kuloyamdlalo ngoba i-Arsenal yayifuna ukuhlehlisa umdlalo ngenxa yecovid-19. Okuthusayo ukuthi uyedwa umdlali owayephethwe iCovid-19. Angikhohliwe,” kuchaza lomqeqeshi.
Lomqeqeshi uthi ukuhlehliswa komdlalo ngoJanuary kubagqugquzele abadlali beSpurs.
“Ukuhlehliswa komdlalo kubagqugquzelile abadlali. Isimo sasibheda ngoba sasifuna ukudlala kodwa ukuhlehliswa komdlalo kwasicasula. Sekudlulile lokho, sesiphila isimanje.
Bengifuna ukudlala ne-Arsenal enesikwati esiphelele. Abadlali bami bebecasukile ngoba sashaywa ngo 3-1 emdlalweni wokuqala. Bekufanele siyishaye i-Arsenal namuhla,” kubeka uConte.