ISuperSport United izofika eLucas Moripe Stadium inethemba lokuwina emdlalweni ne-Orlando Pirates ukuze izozibekisela ngendawo kwiTop 8.

ISuperSport isiqede amasizini angu-21 izingenela kwiTop 8. AmaTsatsantsa ahleli kunombolo 9, adinga amaphuzu amathathu ukuze ezongena kwiMTN 8 ngesizini ka-2022/23.

IBhcs yona idinga ukunqoba ngamagoli amahlanu eqandeni ukuze izobuyela kwiCAF Confederations Cup.

Umqeqeshi osabambile kwiSuperSport u-Andre Arendse uthi kuyamjabulisa ukwazi ukuthi ukuqeda kwiTop 8 kusezandleni zabo.

“Umdlalo wethu nePirates mkhulu ngoba sizodlala neqembu elikhulu. Thina silwela ukungena kwiTop 8, kuyaphoqa ukuthi siwine. Okwamanje sihleli ngaphandle kweTop 8 kodwa lelophupho lisezandleni zethu. Lokho kunciphisa ingcindezi kithi kodwa kunyusa nezinga lokuqapha njengoba sizobe sidlala neqembu elikhulu,” kubeka u-Arendse.

IPirates Iya kulomdlalo ingaphansi kwengcindezi njengoba yahluleka ukunqoba umdlalo weligi owedlule yize yayihamba phambili ngamagoli amabili eqandeni. Yayekela IRoyal AM yabuya emdlalweni, umdlalo waphela ngo 2-2. Lomphumela wakhipha iBucs embangweni weCAF Champions League.

IBucs isidinga ukunqoba ngamagoli amahlanu eqandeni ukuze izobuyela kwiConfederation Cup ngesizini ka-2022/23.

Umqeqeshi weBucs uFadlu Davids unethemba lokuthi ezakhe zizowashaya amagoli amahlanu kulomdlalo.

“Sizozama ukushaya amagoli amahlanu kwiSuperSport United, kufanele sizethembe. Asinayo ingcindezi, kufanele sizethembe ukuthi singawina, sishaye inqwaba yamagoli.

Kufanele sihlaselwe kuhle kwezinyosi. Kufanele sishaye amagoli amahlanu ukuze sizoba sethubeni lokuqeda endaweni yesithathu. Kuyasiphoa ukuthi sihlasele zibekwa kulomdlalo,” kubeka uDavids.
“So, it’s an all-out attack game,” said Davids.