Umqeqeshi oyibamba kwiSuperSport United u-Andre Arendse akafuni kudayiswe isethenjwa sikanozinti uRonwen Williams osekubeke obala ukuthi angakujabulela ukuyodlala kwiMamelodi Sundowns.
UWilliams usehlale impilo yakhe yonke kwiSuperSport asenqobe nayo iNedbank Cup kabili neMTN 8.
UWilliams uke wakhonjwa kwi-Orlando Pirates kumasizini adlule kodwa wagcina ehlalile eMayfair.
Enkulumweni ayibamba nabeSABC Sport, uWilliams wadalula ukuthi ukuyodlalela omkhaya abaqoqa zonke izindebe kwiligi iSundowns kungaba yisinqumo esihle kuyena. Wathi ukudlalela iSundowns kuzomnyusela izinga, aphinde ajwayele nokudlala emazweni angaphandle.
U-Arendse obekhuluma nabezindaba ngoMsombuluko ngemuva komdlalo weligi nePirates ubeke kanje ngoWilliams.
“Bengizolwela ukufa nokuphila ukuze ngizomgcina uRonwen ukube bengiwumqeqeshi wakhe. Uyisethenjwa seqembu, uhamba phambili esikwatini futhi ungukaputeni.
Kodwa angeke ngime endleleni yomdlali ofuna ukuhamba. Lokho kubalulekile. Nami ngike ngabhekana nesinqumo esifana naleso ngaphambilini, angifuni ukuba yilomqeqeshi ovimba abadlali uma bethola amathuba okudlala ezingeni eliphezulu noma behole imali engcono.
Ngizojabula kakhulu uma uRonwen esafuna ukuhlala, ngizomeseka futhi uma ezimisele ngokuhamba,” kubeka u-Arendse.