Umqeqeshi weReal Madrid uCarlo Ancelotti usefakele iqembu lakhe inselelo yokusebenzisa imidlalo yeLa Liga ukuze bezokhanda umgqigqo ngaphambi komdlalo wamanqamu we-UEFA Champions League neLiverpool ngomhlaka 28 kuMeyi.
ILos Blancos engoshampeni beLa Liga, igawulise iLevante ngezembe iyihlambalaza ngo 6-0 eSantiago Bernabeu ngoLwesine ebusuku.
UVinicius Jnr uvalele enethini amagoli amathathu, amanye ashaywa uFerland Mendy, Karim Benzema noRodrygo Goes.
UBenzema uqophe umlando njengoba eselingana nenkankha yeReal uRaul Gonzalez ngamagoli angu-323. Bobabili bahleli endaweni yesibili ngamagoli emlandweni weqembu.
Lomphumela ububuyisa izinduku kwazise iLos Blancos ishaywe i-Atletico Madrid ngo 1-0 kowomkhaya ngempelasonto. U-Ancelotti uthi imidlalo emibili esele kwiligi izofana nejimu ngaphambi komdlalo weChampions League.
“Sidlala kahle, nokuzethemba kunyukile. Sinomdlalo wamanqamu onzima. Siyazi isikhathi esisele sincane, kufanele sikhuphule umgqigqo.
Iqembu selibuyela efomini. Siyatholana enkundleni. Sidlala kahle, umgqigqo nomoya siyawufaka. Besifuna khona ukufaka ingcindezi ukuze iqembu lizoshintsha indlela yokudlala,” kubeka lomqeqeshi.
Ebuzwa ngesikimu azosisebenzisa uma sebedlala neLiverpool kowamanqamu, u-Ancelotti uthe bazodlala ngayo i-4-3-3.
“Sizodlala nge 4-3-3. Kungenzeka ishintshe kube i-4-4-2 ngoba asidlali ngendlela eyodwa. Uma sifuna ukufaka ingcindezi kumdlali osemqoka, sidlala nge 4-3-3 noma i-4-4-1-1 njengoba senza kwiManchester City. Iqhinga alishintshile kakhulu. Sishintsha indlela yokumaka emuva ngokufaka ingcindezi kubadlali.
Angiyena umqeqeshi ovelele e-Europe, angifuni ukuphendula lowombuzo. Angifuni ukuzivotela, kungcono ngivotelwe abanye abantu. Ngithanda ukuphila ngokukhululeka. Ngifisa ukuqhubeka ngalendlela isikhathi eside. Kuzoba nzima ukudlala neLiverpool, kufanele sizinikele,” kuchaza lomqeqeshi.
IMadrid izobhekana neCadiz neReal Betis emidlalweni esele yeligi ngaphambi kokulibangisa kowamanqamu eFrance.