Umqeqeshi weReal Madrid uCarlo Ancelotti uthi ‘unehaba’ umphumela womdlalo wabo neFC Barcelona ebaxebule ngo 4-0 ekhaya koweLaLiga ngoba amaqembu abelingana.
IBarcelona isishisya iMadrid ngamaphuzu ayisithupha esicongweni kodwa u-Ancelotti uthi kuzobe kungaqali ukuthi bashaywe kanje kodwa bagcine besinqobile isicoco seligi neChampions League.
“Asikho isidingo sokuthi sitatazele, kumele siyikhohlwe imizuzu ewu-30 yokugcina yalo mdlalo,” kusho u-Ancelotti ekhuluma nezintathelo ngemuva komdlalo.
“Akuvezi isithombe esiphelele ngokwenzeke enkudnelni. Sihluleke ukuvalela amathuba ethu nje, bakusebenzisa lokho. Amaqembu abelingana ngaphambi kwegoli labo lokuqala futhi besinamathuba amaningi kunabo okukora.
“Sesike sashaywa yiBarca ngo 4-0 sagcina sinqobe iLaLiga neChampions League. Ngeke kuhluke kakhulu nakulokhu.
Khonamanjalo, amaphephandaba aseSpain aqoke ukusola uJude Bellingham ngokudliwa kweMadrid ekhala ngokwehla kwefomu yakhe phambi kwepali kule sizini. Empeleni ukugxekwa kukaBellingham kuyefana nokugxekwa kukaKylian Mbappe okunguyena osethathe indawo iJudiya ebelidlala kuyo ngesizini edlule. UMbappe ushaywe nge-offside izikhawu eziyisithupha kulo mdlalo.