Umqeqeshi weReal Madrid uXabi Alonso usencome abadlali bakhe ngendlela abadlale ngayo beguqisa iFC Barclona ngo 2-1 kwi-El Clasico izolo, okuqinise indawo yabo kwiLaLiga.

IMadrid isihamba phambili ngamaphuzu amahlanu kwiLaLiga ngemuva komphumela wayizolo ojabulise abalandeli abaningi beMadrid.

Kuzokhumbuleka ukuthi iLos Blancos ixetshulwe kane ngesizini edlule ibhekene neBarcelona, futhi abanye bebelindele ukuthi iqembu likaHansi Flick lizoqhubeka la eligcine khona ngesizini edlule, kodwa akuhambanga kanjalo.

Igoli lokuqala leMadrid livalelwe wuKylian Mbappe, elesibili lakorwa wuJude Bellingham obekeka eseqala ukubuyela efomini.

“Iqembu belinogqozu ngaphambi komdlalo. Sikhulumile ngokubaluleka kokubuya namaphuzu amathathu, kodwa ngaphezu kwalokho besifuna ukubona ukuthi iqembu selikhule kangakanani ngemuva kwendlela esidlale ngayo ngesizini edlule,” kusho u-Alonso ngemuva komdlalo.

“Ngibajabulele abadlali ngoba bebewudinga umuzwa wokunqoba i-El Clasico.

“Akuwona nje amaphuzu amathathu, ukunqoba okuzosifakela ukuzethemba. Usamningi umsebenzi osasihlalele kodwa.”

IMadrid ngoMgqibelo izobhekana neValencia ngo-10 ebusuku, bese ibhekana neLiverpool kowe-UEFA Champions League ngoNovember 4.