Isitobha se-University of Pretoria uKeagan Allan ujabuliswa ukuvuleka kwezinto eqenjini njengoba alijoyina eseshiye kwiMamelodi Sundowns.
U-Allan uthuthele eHatfield ngoJulayi wangonyaka odlule ngemuva kweminyaka eyibambe kwinkulisa yeSundowns.
Lomdlali uyinsika yamaTuks kwisizini yakhe yokuqala kwiGladAfrica Championship. Uyisibonelo esihle ekukhombiseni indlela okumaka ngayo ngokuhambisana nokushoshela phambili.
Useshaye amagoli amathathu emidlalweni engu-18 kulesizini esanda kuphela. Ushaye into ecokeme ngisho kwiNedbank Cup, wasiza ezakhe zifinyelela kuma-semifinals. Ukuzinikela kwakhe kumenze wahlabana ngomklomelo womdlali osemncane ovelele kwiNedbank Cup.
“Bekuyisinqumo esinzima ukusithatha ngoba iSundowns iyiqembu elikhulu, banginikeze ithuba kanye nesipiliyoni.
Ingikhulisile njengomdlali eminyakeni emine, bengijabule khona.
Eminyakeni engikuyo sekubalulekiks ukuthi ngithole isikimu, angihubhi izinkontileka nemali. INFD iyona ebizonginikeza ithuba lokukhula njengomdlali. Ithimba labaqeqeshi lingisize kakhulu, lingikhombisa izinto okufanele ngibhukule kuzo. INFD inginikeze ithuba lokuqinisa ezindaweni engishodayo kuzo.
Akulula ukushiya iqembu elikhulu njengeSundowns kodwa bekubalulekile ukuthi ngisayina eqenjini elizonginikeza isikimu. Ngiyajabula ngoba izinto zisahamba kahle,” kubeka u-Allan.
AmaTuks adlala kumaPlay-Offs okuhlungela ukungena kwiPSL. Abhekene neCape Town All Stars neSwallows FC. Bashaye iCT All Stars ngo 3-1 emdlalweni wokuqala.
U-Allan uthi imidlalo yama-play-offs ingeyamanqamu.
“ICT All Stars iyiqembu elihle, ukuzimisela emdlalweni bekumangalisa. Kusele imidlalo yamanqamu emithathu.
Kuzoshintsha izimpilo zabadlali abaningi uma sikhishulelwa kwiDSTV Premiership. Sesilwela ukungena esigabeni esiphezulu. Sizoqhubeka nokulwa, siphushe. Siqale kahle kumaPlay-Offs, yilokho okudingekayo,” kusho u-Allan.
ISwallows izosebenzisa iLucas Moripe Stadium emidlalweni yamaPlay-Offs ngesizathu sokuthi inkundla yabo iDobsonville isalungiswa.