UKeagan Allan ufunwa amaqembu amabili adlala kwi-Italy Serie A njengoba esehlukene ne-University of Pretoria.
U-Allan (21) ushaye into ecokeme kulesizini namaTuks, eyingxenye yeqembu elifinyelele kuma-semifinals eNedbank Cup laphinde lakhishwa ekugcineni kumaPlay-Offs okudlulela kwiDSTV Premiership.
U-Allan useshiyile kumaTuks njengoba inkontileka ayisayina ibinombandela wokunqanyulwa uma iqembu lihluleka ukungena kwiDSTV Premiership.
Lomdlali wayekade enqabe inkontileka yeminyaka emihlanu kwiMamelodi Sundowns ngesikhathi eyishiya.
Yize amaTuks ephume kabuhlungu kumaPlay-Offs, U-Allan ukhange amehlo ezesheli zase-Italy ngokuzimisela kwakhe.
IHellas Verona kanye neSpezia yiwona amaqembu agaqele u-Allan.
Imenenja yalomdlali uMohamed Lawal uvumile ukuthi sekukhona amaqembu amasha afuna u-Allan.
Ubeke kanje ekhuluma nabeDiski Times:
“Akhona amaqembu afuna u-Allan, siyakhuluma namaqembu kodwa akukho osekuqinisekisiwe. Asibhekile e-Italy kuphela, sifuna ukubona ibhola likaKeagan likhula. Ungumdlali osezingeni eliphezulu, ikusasa lakhe liqhakazile.
Sekuyisikhathi sokuthi abheke ikhaya elisha. Ukuthola iqembu e-Europe kuzoba yinto enhle empilweni yakhe ngoba ngeminyaka iyamvumela, ibhola lakhe lingakhula ngokushesha e-Europe,” kubeka uLawal.
Yize bekuvela ukuthi lomdlali ugaqelwe amaqembu akuPSL okubalwa kuwo i-Orlando Pirates, Maritzburg United neSuperSport United, sezizoshiyana ngomshefezo ngoba sekufike nezinkunzi zase-Italy embamgweni.
“Ngiyathemba izinto zizohamba njengoba sihlelile kodwa kuyaphoqa ukuthi athole isikimu eqenjini azosayina kulo. Kufanele akhule, lokho kwenzeka uma ulinikezwa ithuba lokudlala. Angeke akhule uma engasitholi isikimu.
Uyathembisa impela uKeagan ngoba uneminyaka engu-21. Akulungile ukuthi ashikishe ibhentshi, kufanele adlale. Sine sikhathi esiningi sokumbhekela iqembu. Ayikho ingcindezi ngoba usemncane kodwa sifuna ukumtholela indawo ezomkhulisa, asikhethile ukuthi isekhaya noma phesheya kwezilwandle,” kubeka uLawal.
U-Allan ushaye amagoli amane emidlalweni engu-24 kumaTuks kulesizini ephelile.