Umdlali oyibamba esiswini kwiMamelodi Sundowns uJayden Adams usebale abadlali abathathu baMaZulu FC ababona besefomini enhle ngaphambi kokubhekana nabo koweligi namhlanje.
ISundowns noSuthu bazotholana phezulu eLucas Moripe Stadium namhlanje ngo-19:30 kusihlwa koweBetway Premiership.
U-Adams ungomunye wabadlali abafike kwazwakala kwiSundowns ngemuva kokujoyina leli qembu ngoJanuary. Ekhuluma ngaphambi komdlalo wabo noSuthu nokho, ubale abadlali ababona bezoba yingozi namhlanje.
Uqale ngokubala umdlali azobhekana naye esiswini, uBongani ‘Ben10’ Zungu.
“Uwumdlali onamava futhi uwumdlali osezingeni eliphezulu. Okunye, ubedlalela iSundowns, ngakho ke ngilindele impi esiswini,” kusho u-Adams.
“Ngibona uRowan Human esefomini enhle naye, ngokunjalo noHanamub, iwingback. Uyahlasela kakhulu…”
Lo mdlali oneminyaka ewu-23 uqhube wathi ulindele ukuthi AmaZulu abe nomfutho emdlalweni wanmhlanje ngakho ke ucela abalandeli babasize.
“Kodwa ngibona siwuhlelele kahle umdlalo. Siwulungele futhi sesikujahile ukubhekana naMaZulu. Sicela abalandeli beqhubeke beze ngobuningi babo enkundleni. Siyathanda ukubabona beseseka enkundleni.”