Injinga yaseRussia uRoman Abramovich uyayiphikisa imibiko eveza ukuthi ucele iChelsea ibuyise imali yakhe engu-1,5 billion wamarandi emkweleta yona.
U-Abramovich ufake iChelsea endalini ngomhlaka 2 kuMashi, nakhona esengaphansi kwengcindezi kuHulumeni wase-United Kingdom owawucikwa izenzo zeRussia ehlasela i-Ukraine.
U-Abramovich wayelokhu ekuphikile ubudlelwano obusondelene phakathi kwakhe noMengameli waseRussia uVladimir Putin. Izimali nezinkampani anazo e-United Kingdom zashaqwa uHulumeni. Ngisho ne-European Union yafaka uswazi ku-Abramovich, nePremier League yamphuca ilungelo lokuba uMqondisi weChelsea.
Ngenhloso yokuyekela iChelsea lidayiswe ngaphandle kwezihibe, lomacaphuna kusale wathembisa ukuthi angeke ayifune imali ayikweletwa yiChelsea, leyomali izohanjiswa kwinhlangano engathathi entweni ebhekelele izisulu zodlame e-Ukraine.
Ngokwemibiko esabalele kwabezindaba kulelisonto, kuvela ukuthi u-Abramovich ushintshe ukucabanga. Lokhu kubuyise ukuthuka mayelana nokudayiswa kweqembu okubekelwe umnqamlajuqu womhlaka 31 kuMeyi, oqondene nokuphelelwa yisikhathi kwesitifiketi seChelsea esakhishwa uHulumeni.
IChelsea ikhiphe isitatimende ngoLwesine esiqhamuka ku-Abramovich. Lenjinga ithe akushinshanga lutho, futhi nemali yokudayisa iChelsea ayishintshile.
“Okokuqala, Izinhloso zika-Abramovich zokunikezela ngemali azoyithola ngokudayiswa kweChelsea kwinhlangano engenzi inzuzo asishintshile. Kusukela kwisimemezelo sokuqala, ithimba lika-Abramovich seliqoke abasebenzi kwizikhungo ze-United Nations nezinye izinhlangano zasemhlabeni ezingeni inzuzo ezingakwazi ukusungula inhlangano ezosiza izisulu zempi ese-Ukraine.
Ungcweti ohamba phambili useqale izingxoxo nohulumeni wadalula izinhlelo zika-Abramovich. U-Abramovich akazange azifake kulezingxoxo njengoba zibanjelwe ekucasheni ongoti abanesipiliyoni sokusebenza nezinhlangano ezingenzi inzuzo.
Okwesibili, u-Abramovich akacelanga ukubuyiselwa imali ayikweletwa iqembu. Lezinkulumo zingamanga, okunye okungamanga izinkulumo zokuthi u-Abramovich useyinyusile imali yokudayisa iqembu.
Izinjongo zika-Abramovich ukuthola umnikazi omusha weChelsea. Ucelile ukuthi abafake izicelo bazibophezele ekufakeni imali kwiqembu, inkulisa, iqembu labesifazane, ukulungiswa kwenkundla okuphoqayo kanye nokuqhubeka nomsebenzi wenhlangano yeqembu engayenzi inzuzo,” kubhalwe esitatimendeni.
Yize kuvela ukuthi umnikazi weLos Angeles Dodgers uTodd Boehly uyena okungenzeka adayiselwe iqembu, isigxiviso sokugcina silele kuHulumeni wase-UK ofuna isiqinisekiso sokuthi u-Abramovich angeke ahlomule lutho ekudayisweni kweqembu.
“Njengoba u-Abramovich ethola ingcindezelo e-UK ngokudayisa iqembu, nemali ezotholwa iqembu izodlula emehlweni e-EU. Lokhu kuchaza ukuthi izimali zizobanjwa okwesikhashana kuze kuqedwe konke okomthetho. Lezimali zizohanjiswa kwinhlangano engenzi inzuzo. UHulumeni uyayazi lemithetho esiboshwe ngayo.
Ngizocacisa ukuthi u-Abramovich akanayo indlela yokuthola lemali futhi angeke ayithole noma iqembu selidayisiwe. Yize izinto ziqhubeka nokushintsha, usazimisele ngokuthola umphathi oyilungele iChelsea, aqinisekise ukuthi lemali isebenza ngendlela efanele.”