Inkakha ye-Al Ahly uMohamed Aboutrika usecele izikhulu zeqembu ukuthi ziwushaye indiva umdlalo wamanqamu weCAF Champions League neWydad Casablanca ozobanjelwa eMorocco.

I-Al Ahly izibekisele ngendawo kowamanqamu idlala ngokulingana neSetif ngo 2-2 izolo e-Algeria. I-Ahly inqobe ngo 6-2 uma sekuhlanganiswa imiphumela yemilenze emibili.

Lezinkunzi zaseGibhithe ziqophe omunye umlando zingena kowamanqamu ihlandla lika-14.

Umdlalo wamanqamu uzodlalelwa eStade Mohamed V, eCasablanca ngomhlaka 30 kuMeyi. Isinqumo sokusingatha lomdlalo eMorocco sicasule izikhulu ze-Ahly nabalandeli bebhola e-Afrika njengoba lenkundla ibisingathe lomdlalo nangonyaka odlule.

AmaRed Devils ashaya iKaizer Chiefs ngo 3-0 kowamanqamu kuyona lenkundla. Kulokhu, abantu abaningi bashaya amakhala ngesikhathi okuphume ngaso isinqumo. IWydad ibivele isiwunqobile umlenze wokuqala ibhekene nePetro de Luanda.

Abanye bakhala ngeSenegal ehoxile ekusingatheni lomdlalo ngaphandle kwencazelo.

U-Aboutrika ukholwa ukuthi i-Al Ahly kufanele ishaye phansi ngonyawo, inqabe ukuyodlala eMorocco.

“Ngiyayibongela i-Al Ahly ngokudlulela kowamanqamu. Nayo I-ES Setif izamile. Kuyenzeka ukuhlulwa kuzifanele nokuthi ungushampeni.

Ngiyafisa ukuthi ibhodi le-Al Ahly lingathatha isinqumo sokuhoxa kulomdlalo ukuze bezolwisana neCAF engakhombisi ubulungiswa. Ngiyaxolisa ngalombono wami kodwa angiyiboni enye indlela,” kubhala u-Aboutrika.