Umengameli weFC Barcelona uJoan Laporta uthi ezakhe zizokwenza konke okusemandleni ukuze bethole isiphekepheke esidlala ophikweni lesinxele kwi-Spain nakwi-Athletic Bilbao uNico Williams Jr.
U-Williams (22) uzakhele udumo eminyakeni emibili edlule engena eqenjini elikhulu le-Bilbao la afike wadlala khona nomfowabo omdala u-Inaki Williams. Emva kokuba u-Inaki akhethe ukudlalela izwe lase-Ghana la kuphuma khona abazali babo, i-Spain yashesha yabiza umnakwabo u-Nico ukuze engagcini edlalela iGhana naye.
Ufike waba womunye wabadlali abavelele eqenjini lesizwe u-Williams Jr, la agcine esebizwa khona kwi-Euro ephele kule nyanga. Ufike waqhubeka nokuhlukumeza ama-defender kwi-EURO beno-Yamine Lamal we-Barcelona, badlale kahle kakhulu ndawonye baze baqukula indebe ye-EURO 2024.
Lokhu kwenze abalandeli abaningi befise ukubona lezi zibabuli zidlala ndawonye nakwi-FC Barcelona. Umengameli waleli qembu uqale wamemezela ukuthi leli qembu linemali eyanele ukuthenga lo mdlali, kanti izolo uphinde wanika abalandeli ithemba etshela intatheli ahlangane nayo emgwaqeni ukuthi bazokwenza konke okusemandleni ukuthenga lo mdlali. Kungaba isenzo esibaluleke kakhulu lesi njengoba izimbangi zabo i-Real Madrid iqeda ukumemezela ukufika kwesibabuli sabo esigijima kwesokunxele, u-Kylian Mbappe.
Ngokwemibiko yakamuva uNico uyahambisana nokujoyina iBarca, osekusele ukuthi kuvumelane amaqembu ngemali azothengwa ngayo.