Umqeqeshi weLiverpool uJurgen Klopp usethembise ukuthi iqembu lakhe lizobuya lithelwe ngezibonkolo ngesizini ezayo ye-UEFA Champions League.
UCele nabalandeli ukuthi baqale ngokufaka izicelo zokuhlala emahhotela ase-Istanbul, eTurkey lapho okuzosingathwa khona umdlalo wamanqamu weChampions League ngesizini ka-2022/23.
Ubekhuluma nabeBT Sport ngemuva komdlalo wamanqamu beshaywa iReal Madrid ngo 1-0 eStade de France. Igoli leMadrid lishaywe uVinicius Junior ngomzuzu ka-59 kulomdlalo ophazanyiswe yizihibe abalandeli benenkinga yokungena enkundleni.
ILiverpool ihlulekile ukushaya elokulinganisa esiwombeni sesibili, kwala nakho ukuthi unozinti weMadrid uThibaut Courtois ubesefomini enhle.
ILiverpool iqede isizini kabuhlungu kwazise ibinethuba lokudla izicoco ezine. Yalala endaweni yesibili kwiManchester City eyanqoba iPremier League ngesonto eledlule njengoba isishaywa iLos Blancos kwiChampions League. Umthobanhliziyo sekuyizinkomishi zasekhaya eyaziwina okuyiCarabao Cup neFA Cup.
UKlopp uthi ezakhe zizobuya zingasadle nkobe zamuntu ngesizini ezayo.
“Akukho nzima ukufinyelela kowamanqamu, khona kuyancomeka kodwa uyaphoxeka uma ungawinanga. Nginethemba elikhulu lokuthi sizobuya ngesizini ezayo. Abadlali bayazikhandla kakhulu, bazolwela ukubuya ngesizini ezayo. Sifuna ukuyinqoba lendebe ngokuzayo. Angithi kuzodlalwa e-Istanbul ngonyaka ozayo? Abafake izicelo zokulala emahhotela.
Umuzwa phakathi kwabadlali wenza kubonakale sengathi lesizini ibhedile. Kuzodingeka amahora okuthi sidlulise lokho. Sidlale kahle, kwabheda ezindaweni ezincane.
Besingeke sidlale kahle ngoba iMadrid ibipake ibhasi, ihlasela ngokuzumisa nokushaya amabhola amade, lokhu bekumangaza. Igoli eliphikiwe liqhamuke ngalo ibhola elishaywe lalide, sahluleka ukumaka. Siwatholile amathuba kodwa abengavulekile, uCourtois simthole amahlandla amathathu kuphela.
Igoli leMadrid liqhamuke kwibhola ebeliphosiwe. UValverde (Federico) ubefuna ukukhahlela, uVinicius ufikile waqedela, owaphela kanjalo. Abadlali bami bazamile, ikakhulukazi sebelandela emuva ngo 1-0, siqale ukudlala ibhola elinenhloso. Abadlali basesiswini bebedlalela emuva kakhulu.
Lokho bekudala ukuthi sihlaselwe ngokuzumisa. Besifuna ukudlala kangcono esiwombeni sesibili, sikhulume kanjalo ekhefini. Besidlala ibhola eduzane neMadrid, bekufanele sidlale ngenye indlela,” kubeka uKlopp.
ILiverpool ibuyele ekhaya ngeSonto izozungeza idolobha nezindebe iCarabao Cup neFA Cup ezinqobile.