AmaZulu azobhekana neCape Town City ethembele odongeni lwayo olungabhodlozeki kalula.

Lamaqembu azotholana eCape Town Stadium ngoMgqibelo ngehora lesithathu. Njengoba selidumela emansumpeni kwiDSTV Premiership, AmaZulu avika ngodonga oluqinile, olungakaze ludedele ngisho elilodwa igoli emidlalweni emihlanu eyedlule.

Konke lokhu kwenzeka sekufike umqeqeshi omusha uBrandon Truter. Balandela ngemuva kwiMamelodi Sundowns ngesibalo samagoli abawadedelile.

Ukaputeni weqembu uTapelo Xoki uthi basafuna ukwenza kangcono odongeni lasemuva kulesizini. Basangenelwe amagoli angu-20 kuphela.

“Kusho lukhulu ukungangenelwa amagoli. Sifuna kube nzima ukudlala noSuthu. Sesikhombisile kulesizini. Kusele imidlalo emibili kuphela. Uma singavala kahle emidlalweni esele, lesizini izoba engcono uma kuqhathaniswa namasizini adlule. Iqembu lizobe liphumelele lapho.

Siyalekelelana siyiqembu. Abagadli bayasiza nabo. Siyaziqhenya kakhulu ngokubambisana kwethu, sifuna ukuqhubeka nakho emidlalweni emibili esele,” kusho uXoki.

Kubukeka seluhleli kwiTop 8 Usuthu njengoba luhleli endaweni yesikhombisa. Kulempelasonto, bazodlala neCape Town City ebheke ukungena kwiCAF Champions League.

UXoki uyazi ukuthi umphumela walomdlalo uzoshintsha izinto kwiTop 8 kodwa unethemba ngokuqumba phansi iCityzens.

“Ubalulekile lomdlalo. ICity isibeke unyawo phambili. Ingcindezi ingakithi. Sizama ukufica amaqembu a ngaphezulu kwethu.

Kufanele sishaye amaqembu akwiTop 8 uma sifuna ukuhlala endaweni ehloniphekile. Kumele sizethembe ukuze sizonqoba. Umdlalo uzoshuba ngoba basefomini. Bashaya imbudlu yamagoli futhi bayavala emuva,” kusho uXoki.