Umqeqeshi we-Al Ahly uPitso Mosimane usevikele abadlali bakhe ababonakala bekhumula izindondo zesiliva ngemuva kokuhlulwa yiWydad Casablanca emdlalweni wamanqamu weCAF Champions League ngoMsombuluko.
UPitso ukuhlalise obala ukuthi waphisana ngeyakhe indondo.
I-Al Ahly bayixebula ngo 2-0 eStade Mohamed V, eCasablanca.
Sekuphele umdlalo, iningi labadlali be-Al Ahly babezikhumula izindondo zabo, okuyisenzo esicasule abalandeli bebhola abaningi kanye noyisekela likamqeqeshi kwiMamelodi Sundowns uSteve Komphela.
UPitso ubavikelile abadlali bakhe, wakubeka obala ukuthi eyakhe indondo uyinikeze umthwebuli.
“Angidlaleli ukunqoba indondo yesiliva, ngifuna igolide. Unganginikezi indondo yesiliva ngoba angiyifuni. Ngiyikhumulile indondo yesiliva, ngayinikeza umthwebuli,” kubeka uPitso obekhuluma no-Andile Ncube kuSABC Sport ngoLwesine ebusuku.
Ebuzwa ngesenzo sabadlali abakhumbule izindondo, uPitso ugxeke isinqumo seCAF sokusingathwa komdlalo wamanqamu enkundleni yeWydad, eStade Mohamed V.
“Uyazibuza ukuthi kungani silaxaze izindondo? Udlale kuphi umdlalo wamanqamu? eMorocco. UMengameli weCAF uwubeke kuphi lomdlalo, isinqumo sithathwe nini?
Angeke ngitshele abadlali ukuthi bagcine izindondo zabo. Angifihli lutho mina, ngikhuluma ngqo nomuntu osuke efanele. Angeke ngikhulume emphakathini nasezindabeni. Ngibeka into icace.
Bengikhuluma esiteji, angijwayele ukuyenza leyonto. Ngivamise ukuthatha indondo ngizihambele. Kulokhu ngikhulumile nesikhulu seCAF neFIFA ngoba bengifuna ukudlulisa umbono wami. Noma ungangithandi, ngicela ungangibukeli phansi.
Ngizosisebenzela isicoco seChampions League sesithathu. Kufanele kube nobulungiswa ngoba umhlaba wonke ubonile okwenzekile,” kusho lomqeqeshi.