Ulikhulume njengoba linjalo iqiniso umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRhulani Mokoena odalule ukuthi ukubhaxabulwa iStellenbosch kuzobaphaphamisa emaqandeni abadlali.

Ompetha beDSTV Premiership iSundowns bahlulwe ngo 3-0 eLoftus Stadium, okuwumphumela othuse abantu abaningi. U-Ashley Du Preez ushaye amagoli amabili, elinye lashaywa uJayden Adams.

URhulani uthe lomphumela uzobavusa ebuthongweni abadlali njengoba besasalelwe imidlalo emibili begoqe isizini.

“Sithole umphumela obuhlungu kodwa asikhalazi. Asifuni ukuhlulwa, kodwa sizobheka amaphutha esiwenzile, sizame ukwenza kangcono.

Sithole induku. Izosivusa emaqandeni, nathi siyashayeka. Sisalelwe imidlalo emibili ebalulekile. Kuyaphoqa ukuthi siqede isizini ngenothi eliphezulu. Kufanele sinqobe emdlalweni olandelayo ukuze sizoya kowamanqamu sinomuzwa wenjabulo. Kumele sijabulise abalandeli ngoba abaphoxi ngalutho,” kusho uRhulani ekhuluma nabeSupersport TV.

Lomqeqeshi akafunanga ukucasha ngesithupha, abalise ngabadlali abalimele.

“Angeke ngikhalaze ngokulinyalelwa abadlali ngoba kuzofana nokuthi ngiyabalisa. Asikhali ngabadlali abalimele uma sinqoba imidlalo. Isizini yonke besiliniyalelwe abadlali kodwa besiqhubeka kunjalo.

Sihlulwe iqembu elishayele ipali kathathu. Sifike amahlandla angu-24 ebhokisini, sikhahlele izikhathi ezingu-19 kodwa igoli beliphika. Ngiyambongela uSteve Barker nabadlali bakhe. Angiyibongele iStellenbosch, siqhubekele phambili,” kuchaza uRhulani.