Umqeqeshi weCape Town City FC, u-Eric Tinkler, uthi iqembu aliphekayo lingakwazi ukuncintisana nompetha beDStv Premiership, iMamelodi Sundowns. 

UTinkler uveze lokhu ekhuluma nabezindaba kulandela ukudla indondo yomqeqeshi ovelele ngenyanga ka-April. 

“Ngicabanga ukuthi sonke siyazi ukuthi iSundowns izihambela yodwa njengamanje. Akekho umuntu ongancintisana nayo uma kukhulunywa ngemali. Kodwa ngibona ukuthi umsebenzi esesiwenzile uyasisondeza kuyo ngoba sisakhombisa u-60% kuya ku-70% wezinga okufanele ngabe sikulo. Sinabadlali abafanele ukufinyelela ezingeni lokuncintisana neSundowns,” kuchaza uTinkler. 

“Sisele kancane ngoba asikwazi ukuba nesibalo sabadlali esifanayo neSundowns kodwa ngesizini ezayo uma singena kwiCAF Champions League, sizoqinisa iqembu sandise nesibalo sabadlali. Lokho kuza nokuhle nokubi.” 

UTinkler uqhube wathi ngesizini ezayo bazoncintisana neSundowns. 

“Siyakholwa ukuthi singancintisana nabo ngesizini ezayo. Sidlale kahle sibhekene nabo kule sizini kodwa ke bona bakwazi ukuthenga noma imuphi umdlali abamfunayo, okuyinto esingakwazi ukuyenza. Kodwa sizobhekana nabo enkundleni.” 

ICityzens izobhekana nomkhaya baseWestern Cape iStellenbosch FC emdlalweni wokugoqa isizini ka-2021/2022.