Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRhulani Mokoena usecele abadlali bakhe ukuthi baqede lesizini ngenothi eliphezulu yize iligi sebeyigoqile.
IDowns izobhekana neRoyal AM emdlalweni wokugcina weligi ngoMgqibelo eChartsworth Stadium.
IDowns ibuya endukwini ka 3-0 eyayithola kwiStellenbosch FC eTUKS Stadium ngempelasonto eyedlule. Kwaba umdlalo wokuqala kulesizini iDowns ingenelwa amagoli amathathu emdlalweni owodwa. IStellies ibe yiqembu lesithathu eselibhaxabule iDowns kulesizini ngemuva kweMaritzburg United naMaZulu.
“Ngemuva komphumela obuhlungu sibhaxabulwa yiStellenbosch ngempelasonto edlule, bekufanele sehlise umoya, sihlelela umdlalo weRoyal AM,” kusho uMokoena.
Umdlalo weRoyal uzoba nzima kwiDowns njengoba iThwihli Thwahla idinga amaphuzu amathathu ukuze lizokhuphukela endaweni yeCAF Champions League abayibanga neKaizer Chiefs neCape Town City.
Umdlalo uzoba nzima. Kwakunzima sibhekene neRoyal AM kwiNedbank Cup, sanqoba kanzima. Kufanele sijime njengeqembu elishaywe ngo 3-0, sijime ngokuzikhandla, sizilungiselele imidlalo emibili enzima esizophetha ngayo isizini,” kusho lomqeqeshi.