Umqeqeshi weqembu leKaizer Chiefs elidlala kwiDSTV Diski Challenge uVela Khumalo uthi unethemba lokuthi impumelelo yaleliqembu kwi-Engen Cup nakuDSTV Diski Shield izogqugquzela iqembu elikhulu kulesizini ezoqala.
IChiefs iqukule iDiski Shield ngempelasonto ngesikhathi ishaya iStellenbosch ngo 2-0 emdlalweni wamanqamu eMpumalanga Stadium, eHammarsdale.
Amagoli eChiefs ashaywe uMfundo Vilakazi noMduduzi Shabalala, kwachaza izinkumbi zabalandeli ababalelwa ku-8000 ababezobukela lomdlalo.
Iqembu elincane leGlamour Boys linqobe indebe yesibili kulezinyanga ezedlule kwazise libhaxabule iMamelodi Sundowns kwi-Engen Cup.
Iqembu elikhulu libhekene nesomiso sezindebe njengoba sekuphele iminyaka engu-8 lishweba. Ukuqashwa kwabaqeqeshi abasha nokuthengwa kwabadlali abasha kunyuse ithemba kubalandeli beqembu.
UKhumalo uthemba ukuthi impumelelo kwiDiski Shield izonyusa umoya ekhempini yeqembu elikhulu njengoba sekuzoqala isizini ka-2022/23.
“Lendebe siyinqobele bonke abantu abasondelene neChiefs. Mhlampe ukunqoba kwethu kuzovula izinhlanhla. Sifuna ukubuyisa izindebe kwiChiefs. Ngibona kukuhle kakhulu uma impumelelo iqala eqenjini lenkulisa, ukuze kuzodlulela eqenjini elikhulu.
Sinqobe I-Engen manje sesiwina iShield. Ukunqoba sekufana nobala kithina. Sifuna ukuwina kuphela kwiKaizer Chiefs,” kubeka uKhumalo ecashunwa abeSuperSport TV.
UKhumalo ukhuze ukuzithwala kubadlali, wathi kuningi okusafanele kulungiswe endleleni ebheke kwimpumelelo.
“Kufanele uqhubekele phambili ebholeni. Asidlalanga kahle, kufanele ngabe sikhombise izinga lethu emdlalweni wonke. Sizamile ukutholana enkundleni kodwa abafana bebengafuni ukwenza amaphutha,” kubeka uKhumalo.